article Departments raising the bar towards uplifting the community

Iminyango ‘isebenze
ngokuzikhandla’ ngenhloso
yokuthuthukisa umphakathi
Umbiko kanye nezithombe ngu-Vusi Shabalala
Ngomhla zi-03 kuLwezi wezi -2015 “iThimba Lezokuxhumana” lishicilele
udaba olumaqondana ‘nokuyonikela ngamakhompyutha esikhungweni
esaziwa nge-Adams Depot’, okungesinye sezikhungo zomnyango
esisetshenziswa ukuletha izidingo zomphakathi ngaphansi kweHhovisi
leSifunda eThekwini. NgoLwesibili mhla zi-8 kuNdasa wezi-2016 siye
savakashela lesi khungo futhi ukuyobona ukuthi ngabe kusahamba
ngamagama enkehli yini maqondana nesibophezelo abasenza ngowezi2015 ngokusetshenziswa kwamakhompuyutha ukuze kuphuculwe izinga
mfundo emphakathini wase-Adams.
Ngesikhathi
sifika
esikhungweni,
sifike
kusetshenzwa
njengokwejwayelekile. UNkk. Nzimande onguthisha ngokomsebenzi futhi
oyiMenenja yesikhungo (uthishanhloko)
oqashwe ngokugcwele
nguMnyango Wezemfundo, ubematasa ethula isifundo seSingisi kwiqoqo
labafundi obekungabesifazane abangama-20 kanye nabesilisa abayi-9
ebebebukeka bethokozile, bonke okungabakhona endaweni yase-Adams.
Kanti nenani labafundi ababhalise kulo nyaka linyukile uma kuqhathaniswa
nonyaka odlule njengoba babeyi -15 ngonyaka wezi -2015 banyuka baya
kuma -29 kunyaka wezi-2016. Kumele kubalulwe futhi kunconywe ukuthi
ukuzibophezela nokuzikhandla kwabafundi yiko okwakungumgogodla
ekubambeni iqhaza kwabo ngoba iningi labo
lalingenzanga kahle
eminyakeni
eyedlule
noma
lingafinyelelanga
kumatikuletsheni.
Bazibiphezele ekusebenzeni ngokuzimisela ngokuthi bathathe izinqumo
ezifanele ukuze benze ngcono izimpilo zabo.
Othisha base Adams Centre (kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla ): Nk. TS Mahowe; Nk. CZ Jaca;
Nk. S Sibisi; Nkk. DD Nzimande kanye Nk BN Chakane. Nk. NT Mpanza (ongekho esithombeni)
Lesi sikhungo sigabe ngothisha abayisithupha abafundisa izifundo
okubalwa kuzo iSingisi, Ezokuvakasha, iZifundo Zekhompiyutha (ukufunda
ngayo kanye nokuyisebenzisa bukhoma), iZifundo Zokukhuliswa
Kwabantwana, iZibalo kanye Nesayensi. Izikhathi zokusebenza kulesi
sikhungo kuba ngoLwezibili noLwezine kusuka ngehora lesi -8:00 kuya
kwelesi -14:00, kanti bonke abafundi bahlala bude buduze nesikhungo
okwenza kungabi nazinkinga zezokuthutha uma beya kofunda. Ngokusho
kukaNkk. Nzimande, kubukeka sisazoba khona isidingo samanye
amakhompyutha njengoba kubonakala lisazokwanda inani labafundi
abazobhalisa kulesi sikole esikhathini esizayo.
Okokuqala nje, kumele kuqhakanjiswe futhi kutuswe uMnu. Mkhize,
oyiNhloko e-Adams Depot, ngomusa kanye nangokuseka kwakhe, ngokuthi
kusetshenziswe amagumbi
okufundela akulesi sikhungo (noma
kusadingeka amanye). Okwesibili, kumele kutuswe ngokukhethekile
abaholi kanye nabasunguli okungu Mnu. Thandukwazi Ximba Kanye no
Nkk Khanyi Ndaba. Laba bobabili abamele uPhiko Lwezabasebenzi
ngokuthembeka eSifundeni seTheku, benze ngakho konke futhi
baqinisekisa ukuthi umklamo uba yimpumelelo yize bezikhona izinselelo
endleleni. Okwesithathu, kumele sibonge ukuzibophezela kanye
nokuzilungiselela koMnyango Wezemfundo ngokuba usabele ekhweleni
lokusebenzisana ngempumelelo kwawo kanye noMnyango Wezemisebenzi
KwaZulu Natali ukuthi kuthuthukiswe umphakathi wase-Adams.
Okukugcina, kumele kuqhutshekwe kukhuthazwe abafundi bakulo nyaka
ukuba basebenzise izinkundla ezahlukahlukene ukusabalalisa umyalezo
kontanga babo emphakathini ababhekene nezinkinga ezifanayo nezabo
ukuze baqonde ukuthi ukubamba iqhaza emklamweni wokuthuthukisa
umphakathi onjengalo kuzoguqula izimpilo zabo.
Ngenhla: Abafundi kanye nothisha bese Adams Training Centre
Njengoba sisakhuluma
ngobumqoka bomklamo wase-Adams Depot
obambe iqhaza elibonakalayo ekuthuthukisweni komphakathi, siyaqaphela
futhi siyaqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe usebenzise lokhu
okuncane onakho ngendlela enempumelelo. Abafundi basizakala kakhulu
ngokufunda endaweni abayakhele. Laba bafundi abakawuqedi
umatikuletsheni, basaqedela u-level-4; uma beqeda bazodlulela ku-level-5,
ngokujwayelekile okungu-Grade 12. Uma sebephumelele umatikuletsheni
kuyobe sebefezeke izifiso zabo. Siphinde sibonge ubudlelwano obuqinile
bokusebenza ngokubambisana phakathi koMnyango Wezemisebenzi kanye
noMnyango Wezemfundo esiFundazweni. Le minyango ikuqinisekisile
ukuthi uHulumeni obusayo uzolokhu uqhubeke njalo uphucula izimpilo
zabantu. Sengiphetha, kukona konke ukugxekwa okubekhona, okwaziwayo
kanye nokungaziwa, kumele kubalulwe ukuthi bakhona labo basebenzi
bakahulumeni
abasebenza
ngokwethembeka
nangokuzimisela
ekuqhakambiseni amakhono namava abanawo ukuze bafake isandla
nakwabanye abantu. Kutuswa bonke abasebenzi (aboMnyango
Wezemisebenzi kanye noweZemfundo) abenze lo mklamo waba
impumelelo.
Lokhu kuyisiqalo nje.